Umnyango Wezemfundo wanxusa bonke abantwana abakhubazekile ukuthi bafunde ezikoleni ezijwayelekile kusukela ngo-1994, wathembisa ukushintsha indlela izikole ezakhiwe ngayo ukuze zikwazi ukwemukela abantwana ngisho nabahamba ngezihlalo ezinamasondo, ngokuthi zonke izikole zibe nezindawo zokuhamba izihlalo ezinamasondo nezindawo zokubambelela. Siyazi ukuthi usemuningi umthwalo obhekene noMnyango Wezemfundo. Simuzwile uMongameli esho nokuthi imfundo kubantwana yokuqala, i-early childhood development, isizophoqeleka kubantwana ngeminyaka emibili ngaphambi kokuthi baqale ibanga lokuqala, u- Grade 1. Siyakujabulela kakhulu lokho, nokuthi abantwana bazoqeqeshwa besebancane ukufunda izincwadi bathole nezinsiza ukuze bafunde nangezobuchwepheshe bebancane. Esinethemba-ke Mongameli ukuthi nabantwana abakhubazekile bazogqugquzeleka ukuthi nabo baye ezikoleni ngaphandle kwezinkinga ikakhulukazi izikole zibeseduze nabo nalezo ezikhethekile zandiswe ukuze kungabibikho umntwana ohleli ekhaya engafundi.