Sihlalo,ilunga uSonti uyasishaya isilungu, ngiyamvuma.Yize noma besingeyona ingxenye yohambo olwaluya eMpumakoloni kodwa siwufundile umbiko wokomiti. Siyawesekela kakhulu lo mbiko esiwuthola. Kuyiqiniso ukuthi ezokuvakasha ezweni lakithi zifaka omkhulu umnotho kakhulukazi ngezikhathi zikazibandlela.
Kuyasijabulisa ukubona ukuthi umnyango uyazama ukuba nezinhlelo ezicacile zokuthuthukisa lo Mnyango weZokuvasha futhi ke siyavumelana nekomiti ukuthi njengoba umhlaba wonke uthuthuka kwezobuchwepheshe kubalulekile ukuthi nezokuvakasha nazo kwelakithi izwe ziye ngokuphakamisa amasokisi kwezobuchwepheshe ukuze sikwazi ukuheha izivakashi zakuleli.
Okunye esivumelana ngakho nekomiti elikushile ngukuthi nabantu bakithi kumele sibagqugquzele ukuthi mabalazi