Mhlali ngaphambili, Mhlonishwa Ngqongqoshe, sengikuzwile uwuphendula umbuzo wami, ingxenye yawo, kodwa
ngiyafisa ukwazi ukuthi ziningi izimali ezichithakalayo lapha kwezempilo kanti imitholampilo nezibhedlela kubhidlikile kuyabhidlika, nemithi ayikho.
Lukhona yini uhlelo lokwakha lezi zingqalasizinda? Ngiyabonga.
UNGQONGQOSHE WEZEMILO: Siyathokoza lungu elihloniphekile Mashasha, uhlangothi lokubhekana nokushoda kwemithi siyalusebenza kakhulu futhi sinohlelo ngaphakathi emnyangweni esilibiza nge-Stock Visibility System, SVS, lokubheka imithi isuka la yakhiwa khona izo iyofinyelela esibhedlela ukuthi uma ishoda isuke ibambeke kuphi.
Wuhlelo lolu esesilunikeze nabahlonishwa o-MEC besifundazwe ukuze bakwazi ukulandela ukuthi singabi nenkinga yokushoda kwemithi kungaboni muntu. Ngakhoke silwa kakhulu-ke nalolo hlelo. Okunye lwezinto esizibalile ngesikhathi sethula inkulumo yesabelozimali ukuthi kubalulekile ukuthi siyiqondise indaba yokushoda kwemithi. Siyazi ukuthi kusekhona lapho izinkinga zikhona kodwa sifisa ukuthi uma kukhona lapho amalungu ethola khona asithumelele khona sizokulandela sikulungise. Uhlangothi lokulimala kwezingqalasizinda ikakhulukazi imitholampilo siyalisebenza nalo kakhulu, sinohlelo esilibiza ngokuthi i-10 year Infrastructure
Plan lokubheka izibhedlela nemitholampilo esizokwazi ukuyilungisa kule minyaka eyishumi.
Kodwa, ngaphezu kwalokho, sisasebenza uhlelo esasithe sifuna ukuthi kulungiswe yonke imitholampilo nezibhedlela. Sisazama ukulisebenza-ke lelo hlelo ukuze ekugcineni wonke umuntu abesezikhungweni zezempilo ezisezingeni elifanele. Ngaleyo ndlela- ke into ebekwa umhlonishwa siyafisa ukuthi wuhlelo esiphezu kwalo. Siyabonga.
Question 279: