Sihlalo weNdlu, masibulele nakuMphathiswa ohloniphekileyo ngengcaciso entle kangakanana yalo mbuzo.
Kucacile ke Mphathiswa into yokuba aba bantu benza umsebenzi omhle kangaka ogqiba ukuwudakanca apha, bafanele bafumane uqeqesho oluthe chatha. Kaloku sidla ngokubona kwiinkundla zamatyala,
amatyala echithwa kusithiwa ubungqina abunasihlahla. Ingaba eli sebe lakho liqinisekisa kanjani ukuba aba bantu benza lo msebenzi omhle kangaka, bayaqeqeshwa ngokuthe chatha ukuze baphuculwe ukwenzela ukuba amatyala angaphindi achithwe ezinkundleni zamatyala kusithiwa ubungqina abunasihlahla? Ndiyabulela.
IsiZulu:
UNGQONGQOSHE WEZEMPILO: Siyabonga kakhulu lungu elihloniphekile, kuhlelo esinalo eMnyangweni Wezempilo ukuthi abahlengikazi nabodokotela bahlale njalo beqeqeshwa bevuselela ulwazi abanalo kulolu hlangothi lokuqoqa ubufakazi bokunukubezeka kwalowo osuke efike phambi kwabo.
Sikubona lokho kubalulekile ngoba siyazi ukuthi uma sekufikwa enkantolo umehluko phakathi kwalowo ovunwa icala noma olahlwa yicala kuya nokuthi ubufakazi obutholwe yilabo bohlelo lwezempilo bumi kanjani. Ngakhoke yinto esiyisebenzayo ukuthi bajwayelwe ukuqeqeshwa bavuselelwe kubhekwe nalapho kubakhona izikhala ukuthi bakwazi ukugcwaliselwa, bafundiswe babone indlela yokuthi ngokuzayo bangabi nezinkinga ezifana nalokho.
Kubalulekile-ke lokho kuthina ikakhulukazi-ke kwezinye izindawo ikakhulukazi ezibhedlela ezincane siye sisebenzise odokotela
abahlinzayo besifunda, abantu asebemkantshubomvu ohlelweni lokuthi uma kunenkinga enjalo bakwazi ukuyihlola ngoba bekwazi nokubheka izinto ezibalulekile ukuthi uma uzovela enkantolo yikuphi nakuphi okufanele ukuqinisekise ukuthi kwenzekile kutholakele.
Sizama ngawo wonke-ke amandla ukuthi abantu ababhekana nokufundisa nokusebenza udaba lokohlola abantu abanukubeziwe kube abantu abawujwayele umsebenzi kungabi abaqalayo ukusebenza ngoba ekugcineni sifuna ukuba uma befika bakwazi ukuma phambi kwenkantolo babeke ubufakazi obuzokwenza kucace lapho kukhona icala. Siyabonga.
English: