Ngiyabonga mhlonishwa ngokukhulu ukuhlonipha njengomama ozihloniphayo.[Uhleko.] Uma ngicabanga yini pho esiyikhulumayo la? Kusho ukuthi umuntu uma kungakalungi izinto zakhe angaboshwa, angithi namanje nithi akuqhutshekwe kusetshenzwe kodwa la asizwa ukuthi uthini. Lalelani, asizile ukuzodlala la sizosebenza. Kufuneka ngizwe ukuthi umhlonishwa lo uthini. Ngibuyela kuleya nto ngithi musani la eNingizimu Afrika ukusigxinxa ngenkani ngezilimi esasilwisana ngazo.