Siqonde futhi Somlomo ukuthi umthetho yinto eqhubekayo ehambayo. Kuyoba khona isikhathi lapho kubuye kuchitshiyelwe khona ukuze kuqhutshekwe kulungiswe izimfuno zabantu bakithi bathole ukusizakala ezweni lakithi. Sazi ukuthi kufanele bavikelwe abasebenzi laba abasebenza emapulazini ngokuxhashazwa kwabo kanye nalabo abangabalimi bavikelwe ukuze nabo bangalinyazwa abasebenzi bakwazi ukuthola imihlomulo okuyiyona yona.