Ake sicele kuwo wonke amalungu ale Ndlu ehloniphekile ukuthi wonke amahovisi ethu esisebenza kuwona la esithi ngamahhovisi eziko labavoti ke kube khona izinto esibambisana ngazo. Okunye kwako nje ukuthi sisuse amajoyinti eduze kwezikhungo zethu zeMfundo ePhakeme ngoba ngenye yezinto lena edala izinkinga. Amanyuvesi ethu awaphili nje laphaya emoyeni, ayingxenye yemiphakathi yethu. Ezinye zezinto esizofisa ukuthi sibambisane uma singavumela kanjalo singagqoke zikibha zamaqembu ahlukene, singakwazi ukuthi siyilwe le mpi siyinqobe izingane zethu zibuye zigqoke amajazi zingabuyi ngamabhokisi ezikhungweni zeMfundo ePhakeme. Ngiyabonga. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu speech follows.)