Somlomo, ekuhlaleni okulandelayo kweNdlu ngiyophakamisa:
Ukuthi Indlu ixoxe ngezindlela kanye nezinto ezingasiza abantu bakithi bafakelwe ama-lighting conductors ezindaweni lapho kujwayeleke ukuthi kudlalela khona umbani, ikakhulukazi ezindaweni ezaziwayo ukuthi zithandwa yizichotho nemibani ehambisana nokuduma okukhulu kwezulu elidlula nemiphefumulo yabantu iphinde ishiye abanye belimele. (Translation of isiZulu notice of motion follows.)
[Ms MNGANGA-GCABASHE: Speaker, I give notice that on the next sitting day of the House I will move:
That the House debates ways and measures that might assist our people with regard to the installation of lightning conductors in the areas that usually experience lightning, especially in the areas which are known to have hail which is accompanied by lightning and thunderstorms which take people's lives and leave some injured.]