Sihlalo ngiyabonga kakhulu ukuthola leli thuba, ngibingelele abahlonishwa bonke namakhosi akhona lana nokuMkani. Sibonge leli thuba silitholayo njengeNFP sikuveze ukuthi siyaweseka lo mthetho okhuluma ngezindaba zabaholi bendabuko, nokuthi amacala nezinkinga ezingabakhona esizweni soNdabezitha bangabamba liphi iqhaza ekuzixazululeni.
Sihlalo uMthethosisekelo waseNingizimu Afrika uyasho ukuthi uyabemukela ubukhosi futhi uyazi ukuthi kumele unikwe indawo yawo. Kodwa besinenkinga yikuthi awukho uMthetho obuveza ukuthi uma oNdabezitha namakhosi sebesebenza umsebenzi wabo kufanele bawenze ndlelani ikakhulukazi lo wokuqulwa amacala nezindaba ezithintha