Somlomo, ngiyakuthemba Somlomo ukuthi cishe uMongameli uzosinikeza impendulo ezocishe iwacacisele amakhosi ezifundeni lapho ekhona. Ngiyakwemukela konke amakhosi akwethulile kuMongameli. Yingakho-ke ngifisa ukwazi ...
English:
... if the President addresses this issue. This issue must be resolved as you correctly said when addressing the official opening of the National House of Traditional Leaders. In a democratic country we can't make a mockery of traditional leaders. How soon can we expect consultations? Is it going to include all structures like the Khoi and the San as well?
IsiZulu:
Mhlonishwa Mongameli, umlando uyasitshela manje ukuthi oMongameli ababekhona ngaphambi kwakho babelokhu benza isithembiso ngalolu hlobo kodwa abazange bazibekele umgomo ukuthi ngesikhathi esithile kuyobe seyixazululiwe lenkinga. Mhlawumbi uMongameli angazibophezela yini yena