Uma uKhabazela ethi ke akube khona ukubambisana koMasapala nabo ngokwabo, mhlampe uma isandla sithambe kakhulu kuzoqhubeka lokhu kungcola kakhukazi uma ubuka ukuvikelela kwemvelo la khona omakhenikha bekhandela khona izimoto onqenqemeni lo mgwaqo, bashiye uwoyela okuthi uma kunetha izimvula ziyongena emapayipini nasemifuleni wamanzi okugcina kufa izilwane emanzini, ngakho ke kungakuhle Ngqongqoshe Khabazela ukuthi embonweni omuhle kangaka nokubavikela kodwa kube khona ukuthi kulandelelwa ukuthi kuqiniswe isandla ekuvikeleni lezi zinto, okungenani kube khona lezi zindawo ozishoyo ukuthi bakhelwe izindawo zokudayisela.