Ngiyabonga Sihlalo, bengithi mina kumhlonishwa khona into eyisisho sesiZulu kodwa ibuye ibe yinhlamba. Uyabona le nto yokuthi zikhonkotha ehambayo kusho ukuthi yizini zona - yizinja. Inhlamba leyo akayihoxhise ngoba uyazithuka yena uqobo.
English:
Hon Khawula, that's not a point of order.
IsiZulu:
Lungu elihloniphekile Khawula awuhlale phansi. Uwena okufanele uxolise ukukhuluma weqe ungakhulumi izinto okuyizona
Uma ungasazi phela isintu yindaba yakho leyo, akuyona indaba yami. Ngakho ke siyi-ANC siwesekela kakhulu lo Mthethosivivinywa ngoba uzokwenza izimpilo zabasebenzi zibengcono futhi nokuphathwa kahle kwe-PIC kuzobe kusobala futhi wonke umuntu ekwazi ukukubona.