Ngiyabonga Sihlalo uyazi kukhona into engiphatha kabi, uyabona uma ngabe sikhuluma la sisuke sikhuluma ngezinto ezithinta abantu kodwa manje ungqongqoshe ungitshela ngezindaba zangalena, mina ngikhuluma ngo 2011 kuya ku 2017.
USihlalo weNdlu: Ngicela ukuthi uyoxoxisana noNgqongongqoshe ngalolu daba okhala ngalo, lolu daba lungabuyi lana futhi ngoba phela manje bayaphendula emibuzweni ebuziwe. Siyaxolisa kuleyo ndawo.