lokhu ekutheni abantu abakhubazekile bazoba yingxenye yalamapaki ezimboni ukuze kube noshintsho komasipala kanye nezindawo zasemakhaya esihlala kuzo, ukuze lokhu kwenzeke uHulumeni kumele anikeze ngezimali ukuze kube namathuba emisebenzi kuwowonke umuntu ikakhulukazi kubantu besifazane nentsha yakithi. Sihlalo namaLungu ePhalamende, abantu abakhubazekile abasebenzi njengoba ngishilo inkinga asiyazi ukuthi ilele kuphi. uHulumeni kaKhongolose eminyakeni edlule wawushaya umthetho othi yonke iminyango kaHulumeni kumele iqashe abantu abakhubazekile babe okungenani u-2% kodwa kuze kube manje imbalwa kuphela iminyango ekwazile ukukwenza lokho. Eminingi isahluleka namanje ukuhlangabezana nalo 2%. uHulumeni waze wabeka isabelo sokuthi uma umnyango uqasha umuntu okhubazekile kumele ulandele imigomo ebekiwe eminye yawo owokuthi kube nezindawo zokuhamba izihlalo ezinamasondo, kukhokhelwe abasizi babo, banikezelwe nezindawo zokuhlala eziseduze nalapho besebenza khona ukuze basebenze ngokukhululeka nangokuzinikela ngaphandle kwezihibe.