Sihlalo, ngiphakama ngaphandle kwezasizo:
Ukuthi uMkhandlu -
1) ubonisa ukuzigqaja nenjabulo yokuthi omunye wethu, uSihlalo wethu, uMama u-Mildred Oliphant wakhethwa waba usiKhwama enhlangwaneni kaKhongolose yomama KwaZulu-Natali ...
[Ihlombe.]
... uyakujabulela futhi ukuthi kuthe ngayo leyo nyanga wakhethwa futhi ukuba abe sesigungwini esikhulu khona laphaya esifundazweni saKwaZulu-Natali;
2) wethemba ukuthi lokhu kukhethelwa kulezi zikhundla kuzokwenza ukuthi umzabalazo nomkhankaso womama uqhubeke uye phambili ngamandla amakhulu nokushesha;
3) umfisela unwele olude nokusebenza okuhle emisebenzini yakhe abhekene nayo nezikhundla azitholile;
4) lokhu kukhombisa ukuthi uMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe esikuwo unamandla ngoba ukhiqiza abaholi. (Translation of isiZulu draft resolution follows.)
[Mr S SHICEKA: Chairperson, I move without notice:
That the Council -
1) notes with a sense of pride and joy that the House Chairperson Mildred Oliphant has been elected as treasurer of the ANC Women's League in KwaZulu-Natal ...
[Applause.]
... and, in the same month, she was elected as member of the ANC Executive Committee in the KwaZulu-Natal province;
2) believes that her appointment to these positions will make women's struggles and campaigns move forward with vigour and expedience;
3) wishes her success in her new responsibilities; and
4) feels that this shows that the NCOP is powerful because it produces capable leaders.]
Motion agreed to in accordance with section 65 of the Constitution.