Somlomo, neNdlu ehloniphekile, thina njengeqembu leNkatha Yenkululeko sifuna ukuncoma kakhulu amaphoyisa ngomsebenzi awenzile ukuthi abambe izidakamizwa ezitholakele, ikakhulukazi ukusebenza ngokuzimisela kwamaphoyisa.
Siyancoma futhi ukuthi kubekhona amaphoyisa aboshwayo ngokudayisa zona izidakamizwa lezo ebezigcinile ngendlela engafanele. Sicela uNgqongqoshe waloMnyango enze isiqiniseko sokuthi lawo maphoyisa ayaboshwa ngokuthi adayise izidakamizwa ebezithathwe kwabanye. Angakwazi ukuholelwa, a hlale emakhaya kuze kuphele izinsuku zawo lapho ayotholakala khona anecala. Axoshwe khona. Ngiyathokoza.[Ihlombe.] (Translation of isiZulu member's statement follows.)
[Mr V B NDLOVU (IFP): Speaker, and this august House, the Inkatha Freedom Party would like to commend the police for their determination in confiscating the drugs that were found.
We also commend the arrests of the police officers who were selling the very drugs that they unlawfully kept. We request the Minister of this department to make sure that those police officers are convicted for selling drugs that were confiscated from others. They should be suspended without pay until proven guilty, and be expelled from the force. Thank you. [Applause.]]