Somlomo,uhulumeni we-African National Congress oholwa ngumhlonishwa uMongameli uMsholozi, usefinyelele nakubantu abahlala ezindaweni zasemakhaya ukubalethela ukukhanya kwentuthuko. Umhlonishwa woMnyango Wezamandla,umhlonishwa uPeters usebenza ngokukhulu ukuzinikela nokuzikhandla ezindaweni zasemakhaya kwaNongoma, lapho esefakele khona ugesi ezigodini eziningi ezahlukeneyo.
Ukwazile ukufakela ugesi imizi eyizi-2569 okumanje ikhanyisa ugesi kule ndawo. Imali uhulumeni aseyifakile ukwenza lo msebenzi omkhulu noncomekayo iyizigidi ezingama-R35. Abantu abaningi abahlezi emakhaya bengasebenzi bakwazile ukuthola amathuba emisebenzi ngenkathi kufakelwa ugesi emakhaya abo. Izingane ezifunda ezikoleni ezikulezi zindawo nazo sezizokwazi ukusebenzisa amakhompyutha ukufundisa izingane ebezingakaze zilithole ithuba lokufundiswa ezobuchwepheshe.
Abantu bayancoma bathi bayakubona okushiwo nguMongameli uMsholozi ukuthi ufuna intuthuko ifinyelele nasezindaweni zasemakhaya. Ukukhanya kufike nohulumeni we-African National Congress kwaNongoma. Imisebenzi yakhe yentuthuko iyabonakala. Inselelo enkulo uMnyango obhekene nayo ukwebiwa kukagesi yilabo abangafuni ukuwukhokhela. Lokhu kukhinyabeza imizamo emikhulu kahulumeni yokuqhubeka afakele ugesi kulabo abasawudingayo. Ngiyabonga Somlomo. (Translation of isiZulu member's statement follows.)
[Prince B Z ZULU (ANC): Speaker, the government of the African National Congress, which is led by the hon President Msholozi, has also reached out to the people who live in the rural areas to bring them the light of development. The hon Minister of the Department of Energy, hon Peters, has worked with great dedication and commitment in the rural areas of Nongoma, where she has supplied electricity to many districts.
As of now, she has managed to provide electricity to about 2569 households in this area. The government has allocated a sum of R35 million to do this commendable job. Many unemployed people benefited during the electrification of their homes. The children attending schools in these areas will now be able to use computers, and those learners, who have never had the opportunity, will be exposed to technology.
People are appreciating it and are saying that they can now see what the President, Msholozi means when he says that he wants the development to reach the rural areas. The improvement came with the government of the National Congress in Nongoma. Her developmental works are evident. The great challenge faced by the department is the stealing of electricity by those who do not want to pay for it. This hinders the government's great efforts of continuing to supply electricity to those who need it. Thank you, Speaker.]