Asingasebenzisi-ke isiteleka siyi le Ndlu ukuthi bese sifuna ukuhoxisa amalungelo abasebenzi asemqulwini woMthethosisekelo walapha eNingizimu Afrika. Ngakho-ke, kufanele ukuthi sibabekezelele ngoba yilungelo labo ukuthi bateleke, kodwa bangalimazi impahla. Ngiyabonga Somlomo. (Translation of isiZulu Minister's response follows.)