Somlomo, uKhongolose usenze lokho ajwayele ukukwenza. Bheka-nje ngoba endaweni yaseHarding eningizimu neKwaZulu-Natali, usakhe imitholampilo emibili; endaweni yaseSantombe kanye nakwaMbonwa. Lokhu-ke kuzosiza ukuthi abantu babe seduze nezindawo zezempilo, bakwazi ukuthi bahambise abantwana nomama abakhulelwe ukuze kwehliswe umthwalo ezibhedlela. Kusho ukuthi-ke uKhongolose njengoba ethe isimo sempilo singenye yezinto azoziqhakambisa, useyakwenza-ke lokho.
Okwesibili, utshala imali lapho kufuneka ingene khona njengalokhu le mitholampilo yomibili ibize izigidi zamarandi eziyi-14. Ngaphezu kwalokho, uvuselela kabusha lezo zindawo ebesezigugile aphinde akhe ezintsha okudinga ukuthi zakhiwe ukuze izimpilo zabantu ziye zithuthuka usuku nosuku. Siyamncoma-ke uKhongolose ukuthi ubabhekelele abantu abadinga usizo lwezempilo. Ngiyabonga Somlomo [Ihlombe.] (Translation of isiZulu member's statement follows.)
[Ms B T NGCOBO (ANC): Mr Speaker, the ANC has done it again - it has already built two clinics in Harding in southern KwaZulu-Natal in the areas of Santombe and KwaMbonwa. This will help as people will be closer to health care facilities that will be able to accommodate children and pregnant women and lessen the burden on the hospitals. This has happened because the ANC has declared health care as one of its priorities, and now it is indeed fulfilling it. Secondly, it is allocating funds according to the priorities as these two clinics cost R14 million. And on top of that, it renovated the old buildings and built new ones so that the people's lives can improve day by day. We commend the ANC for looking out for the people who need health care services. Thank you, Mr Speaker. [Applause.]]