Somlomo, neNdlu ehloniphekile, iNkatha yeNkululeko ifuna ukuphakamisa ukubonga kakhulu kwabesifazane ngeqhaza abalibambile kuleli lizwe nasemhlabeni wonke. Siyasho futhi ukuthi siyabathanda. [Ubuwelewele.]
AMALUNGU: Nawe siyakuthanda.
Okwesibili, siveze iqhaza elibanjwe ngabesifazane basemakhaya ekuhluphekeni kwabo, ukuthi uhulumeni abasize ukuze bakwazi ukondla imindeni yabo kanye namakhaya abawagadile bengomama, nobaba; bayizinto zonke emakhaya. Okwesithathu, sicela ukuthi yonke into eyenziwayo yenzelwa abantu besifazane, uhulumeni makabe seduze akwazi ukubaxhasa ukuze ikusasa labo ngaso sonke isikhathi lihlale lithokomele njengabantu abathokozisayo.
Okokugcina, uma ufundisa indoda ufundisa umuntu oyedwa kodwa uma ufundisa umuntu wesifazane ufundisa isizwe sonke. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu member's statement follows.)
[Mr V B NDLOVU: Hon Speaker, and this august House, the IFP wants to convey its greatest appreciation to the women for their contribution to this country and to the world. Firstly, we are saying that we love them. [Interjections.]
HON MEMBERS: We love you too.
Secondly, we want to highlight the contribution made by the rural women through their suffering. Government needs to assist them so that they are able to support their families and the homes they are taking care of - they are the mothers and the fathers; they are everything in their homes. Thirdly, we request that when government does anything for women, it must be close by to support them so that they can make their futures bright as they are warm people.
Lastly, if you educate a man, you educate one person, but if you educate a woman, you educate the whole nation. [Applause.]]