Okwesibili, kulolu daba olukhulunywe umhlonishwa uMutau mayelana namaqembu ezepolitiki, ngeshwa umhlonishwa ubengekho emhlanganweni ngeSonto. Kwakufanele ukuthi ube khona ukuze wazi ukuthi kungani ngiphendule ngendlela engiphendule ngayo. Uma umbuzo uqhamuke uvele ucheme ngokwezepolitiki, nami kufanele ngiphendule ngaleyo ndlela. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)