Mhlonishwa Somlomo, udaba lwase-Bekkersdal kufuneka lubhekisiswe ngamanye amehlo. NgeSonto bengilaphaya e-Bekkersdal, kwavela ukuthi kunezinkinga eziningi: abantu abadala abasakwazi ukuhamba baphumele phandle, izingane azisakwazi ukuya ezikoleni, namaphoyisa akasakwazi ukwengamela isimo. Ngaleyo ndlela iminyango ethintekayo okungowezeziNdlu kanye nowezaseKhaya, ngicela ukuthi, Somlomo ithumele ithimba laphaya elizoya kobheka lesiya simo ngoba kungenjalo isimo sizogcina sesiphumile esandleni. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraph follows.)
[Mr K P SITHOLE (IFP): Hon Speaker, the Bekkersdal issue has to be seriously considered. I paid a visit there on Sunday, and I discovered that the community faces a number of problems: residents can no longer walk around freely, children cannot go to school any more and the police can no longer exercise control over the area. Therefore, Speaker, I request the relevant departments, which are the Departments of Housing and Home Affairs, to send a delegation there to investigate the situation, otherwise it will get worse and eventually get out of hand.]