Kusenzima, basahamba ehlane laseJudiya, abadayisi, abadayisi emgaqweni basanethwa, abanazo izindawo zokubeka izimpahla zabo, bashiswa yilanga. Abasemalokishini nasemakhaya babanga nezikhondlakhondla ezivula izinxanxathela yezitolo emalokishini nasemakhaya. Abezi- spaza shops nabagundayo nabacwala izinwele babanga nabokufika kuleli lizwe, okukhomba ukuthi kukhona okudinga ukuthi sikulungise. Sishaya imithetho ezovikela osomabhizinisi abancane baseNingizimu Afrika ukuze sifike kulemisebenzi engu-9 million ngo-2030 esilinde ukuthi yenziwe osomabhizinisi abancane nama-co-operatives. Abantu baseNingizimu Afrika laba esikhuluma ngabo.