Ngiyabonga Sihlalo, ngisukuma egameni le-EFF ukuphakamisa lokhu, udaba lobuholi bendabuko ikakhulukazi izinduna namakhosi KwaZulu-Natali. Imali yabo ayifani neyakwezinye izifundazwe. Kunezikhalo eziningi ezithinta ubuhloli bendabuko mayelana nemali njalo. Ningilalele. Izinduna ziyahlukumezeka kakhulu kulobuholi be-ANC wentando yeningi. [Ubuwelewele.] Zathenjiswa ukuhola ngowe-2011 ukuya ngowezi-2017 kodwa azangahola. Ziqale ukuhola ngowezi-2017 zathenjiswa ukuthi bazokhokhelwa imali yabo yezinyanga ezendlule[backpay.] kodwa azikaze ziyithole leyo mali kuze kube yimanje.