Lalela ke ngiyaxolisa.
USIHLALO WENDLU (Nk M G Boroto): Siyabonga Mama, qhubeka nenkulumo yakho.
Ngiyayifuna leyo mizuzu.
USIHLALO WENDLU (Nk M G Boroto): Cha, imile vele Mama. Angeke bayiphange.
Kulungile, ngiyabonga. Uyabona lapha eNingizimu Afrika ayikho into ebuhlungu kulokhu kuthiwa akufihlwe izinto zibe zenzekile. Kumanje la eNingizimu Afrika abantu bakithi amanzi abanawo. Kade ngise wadini yama-26 eZakheni, eNyokeni abantu kusukela ngowezi-1994 bakhala ngamanzi. Izindlu zangasese zakhona kuse yilezizomgodi. [Ubuwelewele.] Into ebeyiyelwe laphaya eNetherlands kwakufana nokuthi sasivakasha ngoba uNgqongqoshe yena qobo lwakhe into esayifica bebeya