Sekela Somlomo, ngibonga kakhulu Ngqongqoshe ngempendulo yakho, yokuthi senihambe kangakanani mayelana nokuthi senihambe ngakanani ngokwezinqumo zesamithi ekade ibanjiwe njengokusho kwakho. Siyayibonga imizamo yenziwe futhi noMengameli simzwile enkulumweni yakhe yesizwe ngokuthi uhlose ukwenzani, kepha usekusihlupha kakhulu ukubonakala kokudlondlobala kodlame lwasemakhaya ikhalukazi phakathi kwamakhosikazi nabayenu babo.