Malungu ahloniphekile, ngifisa ukuthi, sengiphetha nje, angike ngithathe leli thuba ngihalalisele uKhongolose waKwaZulu-Natal ngokujoyinwa ngamaLungu eSishayamthetho amabili, u-Comrade uNjabulo Mlaba obewusihlalo wophiko lwentsha lwe-IFP no-Comrade uSizwe Mchunu, uPhakade akagugi kuguga abafokazana, uJama kaSilwane, uNdabezitha. Umfowethu wasemzini lo. Ubeyilunga le-DA eliqavile nobe wumholi wayo isikhathi eside esifundazweni. Ngiyazi lokhu kuqonda noma kusho ukuthi bazolahlekelwa ngamavoti angakanani.