Somlomo, ilunga elihloniphekile ngiyalivumela nalo, kungakho ukuthi kumele siqinisekise ukulandelwa kokunikezelwa kwezimvume zokudayisa kubona bonke abantu abadayisa ezindaweni ezimgaqweni ngoba inkinga ikhona nakubona oMasipala kanti kwesinye isikhathi akuyona nale nkinga yalaba inkinga yamabhizinisi ngendlela abasebenza ngayo ngokuthi bathatha iskhathi uma kumele kukhishwe izimvume, leyonto yenza ukuthi umuntu odayisa emgaqweni agcine edayisa ngaphandle kwmvume efunekayo.