Mongameli ohloniphekile, izinga lenhlalo kubantu abakhubazekile lisenezinselelo kakhulu ngoba iningi labo alisebenzi liphila ngemali eyisondlo sikaHulumeni, ama- disability grants. Abakhubazekile yibo ababasenkingeni kakhulu ngoba iningi labo abantu abasebancane abasadinga ukuthi bathole imisebenzi futhi banamakhono ahlukene ekungathi uma benganikwa ithuba banganikela kakhulu emnothweni waleli lizwe, nokuthi bathole namathuba nezimali zokusetshenziswa zokuqala amabhizinisi ukuze baphinde baqashe nabanye abantu kwande namathuba emisebenzi.