Thank you, Deputy Minister. Before I call the next speaker, I would like to acknowledge the presence of sports administrators, sportsmen and sportswomen and others who have the interests of sport at heart in the gallery today. Indeed, you make us and this country proud. We really appreciate your presence today. Thank you very much. [Applause.]
UMntwana M M M ZULU: Mphathisihlalo, mhlonishwa uNgqongqoshe Wezemidlalo kuleli lizwe lakithi nePhini lakho, uNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi, ezemidlalo lapha eNingizimu Afrika kuyindlela eyodwa yokwakha isizwe noma ngabe kuthiwa sehlukene kanjani ngemibono, nemicabango kodwa ezemidlalo ziyasihlanganisa. Akukho nokukodwa lapha okungenza ukuthi abantu bangakwazi ukuhlanganyela bonke emidlalweni, noma ngabe ibhola lezinyawo, elomboxo noma-ke elomnqakiswano; bonke abantu baye bahlangane ndawonye badlale ngokuhlanganyela.
Akukho nokukodwa ukukungabaza ukuthi - njengomuntu ozalelwe kuyo le ngabade yakithi eNingizimu Afrika - lokhu okhuluma ngako ezikoleni zethu ... sengathi ungenza umshado wangempela nabahlonishwa abangozakwenu nazi ukuthi umehluko yiphupho eliphushwayo libonwe ngamehlo. Akufuneki sibe nephupho nje elingeze lafezeka.
Njengensizwa esencane Ngqongqoshe, ngiyakwethemba ukuthi uyokwazi ukubhekelela inhlalakanhle yentsha, izingane, namagugu ethu ukwazi ukubheka ukuthi izimali zethu njengomphakathi zisetshenziswa kahle yini.
Ngikholwa ngokupheleleyo ukuthi lezi zimali ezishona laphaya emikhandlwini yasekhaya, omasipala, kufanele ngempela uzishanele zize eMnyangweni wakho ukuze kubonakale imiphumela ngoba uma ubuka kukhulunywa ngelumbo kuthiwa kunezinkundla ezakhiwe laphaya komasipala balaphaya kohulumeni basekhaya, uye ubabaze kakhulu. Kuzo zonke izinhlangothi zezwekazi lakithi, ikakhulukazi laphaya ezindaweni zasemakhaya.
Angisho-ke phela ukuthi ubheke izindawo ezisemakhaya - ngoba nakhu phela umuntu uhlala 'ezilalini' basho njalo laphaya eKoloni, thina le kwelakithi sithi kusemakhaya. Nakhona kufanele ukubhekelele ngoba kunezinkundla zemidlalo okuthiwa zakhiwe kodwa uthi uma u zibheka, azikho, kodwa imali kahulumeni ibe ihambile. Akubona ozakwethu abangamakhansela abazi kangcono ngalezo zimali, kodwa yibo abaphathi bethu abazi kangcono ukuthi kusuke kwenzekeni lapho. Nokuthi nawo-ke amakhansela abe esehluleka ukubheka ukuthi lezo nkece zisetshenziswe ngendlela okuyiyo yini.
Ukukwethemba kwami Ngqongqoshe, kumi kanje, umuntu uyokubuza ngonyaka ozayo uma usuphinda futhi wethula isabiwomali sakho kule Ndlu, ukuthi usukuphi nalokhu okuthembisile. Phela njengoba umuntu athunywa ngabantu ukuba eze lapha azobamela sizobe sesicubungula ngasemakhaya ukuthi sezifezekile yini lezo zinto ezazithenjiswe nguNgqongqoshe. Ngikufisela inhlanhla ukuthi leli Voti leSabiwomali olethule kule Ndlu kubhekeke kahle ukuthi nabantu bakithi benelisiwe. [Kwaphela isikhathi.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Prince M M M ZULU: Chairperson, our hon Minister of Sport and Recreation and your Deputy, and the Minister of Public Works, sport is the only way of building our nation and, irrespective of the differences in vision and ideas, it does unite us. There is no single thing here that can make people not come together in sports such as soccer, rugby or even netball - everybody comes to play together.
There is no doubt at all that I, as somebody who was born and bred here in our South Africa - what you are talking about in our schools - can succeed in working together with my hon colleagues in making a difference by realising my dream. It is not wise to have a dream that can never be fulfilled.
And as a young man, hon Minister, I trust that you will be considerate of the needs of the youth, children and our heritage and that you will also be able to see whether public funds are utilised appropriately.
I want to strongly urge that these funds that are directed to the local governments - the municipal councils- must really be redirected to your department so that there are visible outcomes because as you know, false statements are being made to the effect that there are stadiums that were built by the local municipalities but you become very surprised when you get there to find that there are none. This happens in all the corners of our country, especially in rural areas.
I am not saying that you should cater for rural areas just because I am living in rural areas - ezilalini, as they are referred to in the Eastern Cape. We refer to them as emakhaya [at home]. You must also consider them because it is said that stadiums are being built, but when you look for them you cannot find them, and in the meantime the government's funds are gone. It is not our councillor colleagues, but our municipal managers who know what happened to those funds. You must also ensure that the councillors, too, are able to state whether the funds were utilised appropriately.
My trust in you, hon Minister, depends on the following: If somebody asks you next year when you will be presenting your Budget Vote in this House again, and how far you are with delivering on your promises - as you know that being here one is sent by the public to represent them - and also as to whether you had fulfilled the promises you made in respect of the rural areas. I wish you good luck so that this Budget Vote that you have presented in this House ensures service delivery to our people.
I support the Budget Vote. I thank you. [Time expired.]] [Applause.]