Chairperson, it is interesting for the DA to agree with the ANC in terms of the Road Maintenance Fund. It is an initiative of the ANC, the problem was identified by the ANC, we initiated that debate and we are implementing that programme.
Thina-ke singuKhongolose asikhulumeli ukujabulisa abantu, silungisa okudinga ukulungiswa futhi sincome okwenziwe. Uma sibuka isabiwozimali zoMnyango Wezokuthutha sibhekisisa ukuhambela kwezidingo zezokuthutha nesabiwozimali esinikezwa uMnyango. Uma isabelo sisincane siyasho ukuthi sincane isabelo futhi izidingo zinkulu.
Sibuka ukusetshenziswa kwemali ngendlela okuyiyo, ukuhleleka ngendlela ehambisanayo kwezinhlelo zoMnyango nezezinhlaka ezisebenza ngaphansi koMnyango, ukuthuthuka kwezimpilo zabantu nokwezokunotha ngenxa yezinhlelo nokusetshenziswa kwemali uMnyango Wezokuthutha. Uhlelo lukaKhongolose kwezokuthutha luqonde ukwehlisa imali yokuhamba kwabantu nezimpahla, ukwehlisa isikhathi sokuhamba, ukuxhumanisa okokuhamba ngomgwaqo, ngezitimela nangezindiza ukuze kwenziwe ukuthi ezokuthutha ziphephe futhi zithembeke.
Uhlelo lwezokuthutha kulelizwe lucace bha njengezinqe zeselele, ngakho uKhongolose akanaso isizathu sokungaseseki isabiwomali soMnyango Wezokuthutha. Isiphukuphuku kuphela esingebone ukuthi ungakanani umsebenzi owenziwe uhulumeni kaKhongolose, owokwakha izikhumulo zezindiza, imigwaqo, imizila yezitimela nako konke okwenziwe uMnyango Wezokuthutha ukulungiselela u-2010 okuyosala kuyifa labantu baseNingizimu Afrika iminyaka ezayo. UKhongolose uyaseseka isabiwomali soMnyango Wezokuthutha. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[We as the ANC do not speak to please people; we correct what needs to be corrected and appreciate what has been done. If we look at the budget of the Department of Transport, we look at its service delivery and the budget allocated to it. If the allocation is too small, we say so and that more needs to be done.
We look at whether the money is spent accordingly, and that the organisation is in line with the structures that work under it. We also look at socioeconomic development brought about by the programmes and the way in which the Department of Transport spends its money. The ANC's programme for the transport industry is aimed at reducing money and time spent on travelling in respect of people and goods, and to integrate road transport, trains and aeroplanes in order to make transport safe and reliable.
The way in which the transport system of this country operates is very clear, therefore the ANC has no reason not to support the Budget Vote of the Department of Transport. Only a foolish person will not see how much work has been done by the government of the ANC, with regard to the building of airports, roads, and railway lines. This the Department of Transport has done in preparation for the 2010 Soccer World Cup which will remain a legacy for the people of South Africa in some years to come. The ANC supports the Budget Vote for the Department of Transport. [Applause.]]
Vote agreed to (Democratic Alliance and Freedom Front Plus dissenting).
Vote No 37-Water Affairs-put.
Declarations of vote: