Ngiyabonga kakhulu mhlonishwa Sihlalo nomhlonishwa Ngqongqoshe, engicela ukukubuza ukuthi njengoba umthetho kusaxoxwa ngawo njengamanje, zikhona yini ezinye izindlela uMnyango onazo zokuthi uncede noma uvikele abantu bakithi abashona bangenalutho ngenxa yokuthi imiculo yabo iphelela isigangeni nanokuthi laba ababakhiqizayo ababaphathi ngendlela efanelekileyo?
UNGQONGQOSHE WEZEMIDLALO, NOBUCIKO NAMASIKO: Ngibonge Mondise.
Cha, ayikho indlela engasizekela ngayo ngoba thina njengabashayimthetho sihleli lapha, eyona nto esinayo ukushaya umthetho. Ngakho ke le Mithetho ishayiwe yadlula kuzozombili
iziNdlu zesiShayamthetho njengoba iphambi kukaMongameli manje. Silindele ke ukuthi uma uhlelo lolu seluqediwe lokuthi uMongameli esethole ukuthi elulekwe ngakwezomthetho ukuthi uma ewusayinda lo mthetho awuzukufaka yini enkingeni uhulumeni ngokoMthethosisekelo.
Engingakusho nje okuyikona okuyinkinga kakhulu ngaleMithetho yomibili ukuthi imboni yona qobo lwayo ihlukene phakathi. Abanye bathi awusayinwe lo Mthetho, abanye bathi awungasayinwa. Kodwa ke sithi kuyona imboni sebeyomukela lokho okuyokwenziwa nguMongameli esiyokubona ukuthi kubalulekile ukuthi kwenzeke, nanokuthi kuhamba kahle ekutheni awusayine noma angawusayini. Sebeyokumukela lokho. Ngiyabonga.
English: