Njenge-EFF siyasichitha le sabiwomali sonyaka wezi-2019-20 [Ubuwelewele.] Lo Mnyango akukho nokukodwa okwenzela abantu besifazane. Intsha edlula amaphesenti angama-50 ayisebenzi kodwa ineziqu ifundile. Bahluleka nokuyenzela izinto engazenza intsha ukuze iphile. Intsha ize igcine ithatha indlela yokuzibulala ngenxa yemikhuba yenu nina ANC.
Abantu abakhubazekile ababhekelelwe neze noma kwakhiwa izakhiwa zikahulumeni. Ukuthi bazohamba kanjani noma bazongena kanjani ehhovisi kodwa nibafakile ohlelweni - lezi gebengu lezi. [Ihlombe.] Omama nabafelokazi basaxhashazwa lana kulo hulumeni ophethe we-ANC.
Laphaya eKhayamnandi eNtshonalanga Kapa sinenkinga enkulu esayibona ngowezi- 2015 abantu besifazane nabakhubazekile bama emiqgeni emide ngoba izindlu zangasese zikude nezindlu zabo. Izindlu abahlala kuzo zincane bahlala
phakathi bonke abesilisa, izingane ekamelweni elilodwa. [Ubuwelewele.] Iwadi le-12, 13,14 15 laba bantu basebenzisa indlu yangasese eyodwa abesilisa nabesifazane futhi bama imigqa ebusuku nasemini. [Ubuwelewele.] Inkinga ukuthi amacala abikiwe wabantu abahlukunyeziwe ngokwecansi nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane lo hulumeni akakwazi ukuthi asitshele ukuthi asekuphi futhi athethwa nini nanokuthi bagwetshwa nini abantu. Abantu besifazane basahlukunyezwa ngokwecansi, bahlukunyezwa nangokwemisebenzi nangokwemihlaba. [Ihlombe.]
Sithi uhulumeni lo we-ANC funeka wazi ukuthi i-NPA iyehluleka ukulandela amacala akhona. Sicela uRamaphosa azi ukuthi ... [Kwaphela isikhathi.]