Ngqongqoshe ngiyabonga kakhulu ukuthi loludaba wudaba olukhona iNqubomgomo yakhiwa ngowezi-2015. Into ehluphayo Ngqongqoshe ukuthi abantu okuyibona okufuneka ngabe le Nqubomgomo bayibona kakhulu yilabo basemakhaya. Uma ingakabonakali emakhaya noma ingaba kuphi izobe ingakafesi izinjongo zayo. Bengicela ke Mhlonishwa njengoba usushilo ukuthi ikhona uke uyiphushe ibonakale
emakhaya. Uyabona lamakhilomitha amathathu umhlonishwa akhuluma ngawo ukuthi kufuneka ilekelele abantwana abangaphezu kwamakhilomitha amathathu. Emakhaya kuhanjwa amakhilomitha ayishumi ukuya kwayishuminambili beya esikoleni. Uma ingakabibikho kubona kusho ukuthi inqubomgomo ayifezi injongo eyayisungulelwe yona ngoba labantwana bafuna ukuzibona nabo beyingxenye yenkululeko esesayizuza yilokho nje Mhlonishwa.
UNGQONGQOSHE WEZOKUTHUTHA: Ngivumelana nelungu elihloniphekile ngokuthi kufuneka siyibuke le nqubomgomo ngoba ngempela ngempela zikhona izindawo lapho uthola ukuthi abantwana bahamba ibanga elingaphezulu kwamakhilomitha amahlanu ukuya esikoleni ngaphandle kwezicathulo nsukuzonke.
English:
If it is three kilometers it means they will not be catered for.
IsiZulu:
Ngakho ke inqubomgomo ngoba iyinqubomgomo ...
English:
... is not starting. Policy is based on practice ...
IsiZulu:
... ukuthi ukuba kukhona izinkinga zokuthi inqubomgomo ayisisebenzeli siyakwazi ukuyishintsha. Ayifani nomthetho. Nawo umthetho siyawushintsha ukuya phambili. Ngisho inqubomgobo namanje singayishintsha ngoba ...
English:
...it does not cater for that. There are many things in the scholar transport we need to address. As much as the policy resides with me, who then give out and dish out resources for learner transport -meaning the real transport that transport learners. Those are the things we need to address.
IsiZulu:
Uthola ukuthi abantwana ngesinye isikhathi bahanjiswaizimoto ezingaphephile.
English:
There are no standards because sometimes a person takes a van from his house and gets a tender then transport children.
IsiZulu:
Kwalento besikhuluma ngayo ekuqaleni ebibuzwe yilungu elihloniphekile mayelana nabantwana abagitshezwa ngemuva emavenini. Zonke lezo zinto ziyenzeka. Inkohlakalo nje into esiyibonayo. Lezo zinto kufuneka sizilungise. Ngivumelana nawe lungu elihloniphekile.