Sekela Somlomo ohloniphekileyo, masibulele kakhulu kuMphathiswa. Sibulela esi santya sithathwe leli sebe
ekulungiseni lo mceli-mngeni wezempilo. Umbuzo wam uthi kuMphathiswa, ingaba singasiqinisekisa na iSizwe soMzantsi Afrika lo makulinganwe kwezempilo (health compact),uzakuphucula ubomi babantu ngokukodwa kwezempilo. Enkosi.
IsiZulu:
UNGQONGQOSHE WEZEMPILO: Siyabonga kakhulu lungu elihloniphekile, siyafisa ukuthi siqinisekise kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi lolu hlelo lwesivumelwano phakathi koMongameli wezwe, uMnyango Wezempilo kanye nabaphathi bezinhlaka ezihlukene zomphakathi, nosomabhizinisi abezimboni nabasebenzi ukuthi konke lokho kwenziwe ngoba sifisa ukuthi kube khona ukubambisana; sibambisene sonke sizokwenza isiqiniseko sokuthi siyasivuselela isimo sohlelo lwezempilo ukuze lukwazi ukusebenzela wonke umuntu waseNingizimu Afrika. Ngaleyo ndlela wonke umuntu uzibophezele ukuthi ohlakeni noma ohlangothini angakulo uzowenza umsebenzi ozokwenza ukuthi isimo sezempilo sibe ngesingcono kuwo wonke umuntu eNingizimu Afrika njengoba sebevumelene noMongameli. Ngiyabonga.
USOMLOMO WENDLU: Uyabona ngiyahlukanisa.