Ngibonge, kuyangithokozisa Sekela Mongameli uma ngabe siyavumelana kule Ndlu ukuthi uma ngabe abantu baKwaZulu- Natali belahlekelwa ithemba kuhulemeni wasemakhaya okuyimikhandlu. Abalahlekelwa nje ithemba kubona kuphela kepha liyasilahlekela nathi silapha ePhalamende siwuMkhandlu Wezifundazwe. Uma ngabe umbiko kaMcwaningi-Mabhuku uveza ukuthi eMkhandlwini ongama-54 eKZN uwodwa kuphela othole ukuhlolwa kwamabhuku okuhlanzekile. KuneMikhandlu eminingi engene ngaphansi kokuphathwa - sibala oNdumeni, uMsunduzi, oJozini singabala bonke kodwa asinaso esikhathi sonke.
Ngakho ke kungumsebenzi wethu ukuthi sibuyise ithemba kubantu. Umbuzo wami kuwena Sekela Mongameli ukuthi siqinisekiso sini
ozosiyisa kubantu baKwaZulu-Natali ukuthi babuyelwe yileli themba? Nokuthi njengoba sanithuma ukuthi niye lapha ukuthi nisinikeze izinkonzo, wenzani wena Sekela Mongameli ukuthi leMikhandlu le ikwazi ukuthi izimele ingahlezi njalo ithembe ukuthi uhulumeni wesiFundazwe nohulumeni kaZwelonke uzobatakula njalo uma ngabe besenkingeni?
English:
This administration is not assisting people on the ground. Thank you.
IsiZulu:
USEKELA MONGAMELI: Ngicabanga ukuthi kuningi ekufanele kwenziwe kodwa ke angeke sikulahle lokhu ukuthi abohulumeni abathathu kufanele basebenze ngokubambisana. Umasipala kufanele asebenzisane nesiFundazwe kanye nohulumeni kaZwelonke ngoba sonke sisebenzela abantu. Uma siletha izinkonzo siziletha kulelo wadi, kulowo masipala nakuleso siFundazwe, ngakho ke kufanele sibambisane. Thina nje sihlezi lapha sithi siwuhulumeni kaZwelonke. Akekho uhulumeni kaZwelonke, asikho isiFundazwe ngoba sonke sibuya ewadini.
Ngakho ke kufanele ukuthi usizo esilulethayo, izimali noma sakha isikole noma ikliniki noma sakha izindlu noma senzani, konke loko
sokwenza endaweni yomasipala. Kufanele sisebenzisane nomasipala. Manje thina sithi sakha uhlelo ukuthi sonke sizohlala ku-District. Umasipala uzohlala laphaya kuDistrict kanye nesiFundazwe nohulumeni kaZwelonke. Uhlelo olusha lolo. Sifuna ukuthi wonke amacebo ayokwenziwa laphaya kumasipala. Ayokwenzwa isifundazwe, uZwelonke no masipala siwahlanganise. Sazi ukuthi ubani wenzani, ngasiphi isikhathi futhi.
Uma umuntu eshilo ukuthi hhayi thina siyofaka amanzi, omunye athi thina siyokwakha izindlu, omunye athi hhayi thina siyokwakha isikole. Sifuna ukuthi lezo zinto zilandelwe ukuthi siyaphela yini. Ziyaqalwa futhi kufuneka ziphele ngoba sonke siyobe sihlezi ndawonye. Kubalulekile ukuthi omasipala bakwazi ukuqasha abantu abalungele umsebenzi. Siyaphela isikhathi ukuthi siyoqashana ngobungani ngoba ke kufanele senze lomsebenzi. Uma sikuqashile kufuneka sibone ukuthi ukulungele ukwenza lomsebenzi. Kungakho nje njalo uMcwaningi-Mabhuku uyakhalaza ukuthi labantu abakhoni ukwenza umsebenzi.
Ngiyacabanga ilungu elihloniphekile le-EFF nalo seliyabona ukuthi nabo bangangenelela baphathe umasipala.[Ubuwelewele.] Kodwa ngifuna ukuthi nani uma nisesendleleni, nifuna ukuyophatha umasipala ake nifunde, nifunde kulaba abahlulekayo ngoba kukhona lapho nani
niphethe kancane khona kodwa izinkinga zikhona angiwuboni umehluko. Uma ngabe ukhona umehluko besingajabula ukuthi siwubone eTshwane ukuthi nani nikhona phela. [Uhleko.] Siwubone nalaphaya eJohannesburg ukuthi nani nikhona, niphethe kancane nani. [Ubuwelewele.] Kufanele sonke sifunde ngoba lezinkinga zisiphatha sonke. Nani ziniphethe la niphethe khona. I-IFP nayo iphethwe izinkinga ne-ANC iphethwe izinkinga. Asibhekeni le nkinga sibheke nabantu bakithi ukuthi bayaluthola usizo. Ngiyabonga.[Ihlombe.]
Question 5: