Deputy Chairperson, ...
IsiZulu
... ngibonge mhlonishwa ngempendulo yakho ecacile futhi nezwakala kahle. Umbuzo wami ulapha ekuthenini: Ukugcwala koMnyango Wezokuhlonyuleliswa kweZimilo ingabe kukulaba kakhulu abangakagwetshwa, okanye kukulaba asebagwetshiwe yini? Uma ngabe yilaba asebagwetshiwe ngabe yiziphi izinhlelo onazo zokunciphisa lokugcwala koMnyango Wezokuhlonyuleliswa kweZimilo? Ngiyabonga.
UNGQONGQOSHE WEZOKUHLONYULELISWA KWEZIMILO: Ngiyabonga kakhulu
Sihlalo ngombuzo. Ukugcwala kakhulu okukhona kwenziwa nangabantu abasalindelwe ukugwetshwa ngoba ...
English
... we have about 47 000 of those who are waiting to be sentenced.
IsiZulu:
Lokho kusibangela ukugcwala emajele. Nalaba abakhona phakathi emajele bayasibangela ngoba kunomthetho owaphasiswa yiPhalamende ngeminyaka eyishumi edlule ebizwa ngokuthiwa phecelezi "Minimum sentence offence" ohambelana namacala athusayo. Lowo Mthetho wenza ukuthi noma abantu sibabonile ukuthi bengakhona ukuthi balungiswe asikwazi ukuthi noma sebehambe zonke izigaba phakathi koMnyango Wezokuhlonyuleliswa kweZimilo sibavumele ukuthi bakhululwe ngoshwele noma ngezinye izinhlelo zethu.
English:
So, it's multidimension ...
IsiZulu:
... lezi zinkulungwane ezingamashumi amane nesikhombisa zisibangela kakhulu ukugcwala. Ngiyabonga kakhulu.