Manje nanoma isimo sibonakala sisibi kakhulu ngifuna ukusho ukuthi ikhona imizamo eyenzekayo njengalena engiyibalile. Ngibalile nje ukuthi i-IDC yesekele labantu laba, nalaba kukhona okwenzekayo. Sikwenza sihlukene. Esikucelayo lana ukuthi nalokhu esizokwenza ukuthi sizohlanganisa zonke lezinto esizenza sehlukene ukuze umthelela wethu ube mkhulu - izifundazwe zenza lokhu, uzwelonke naye wenza lokhu nomasipala benza lokhu. Sifuna ukuthi uma sibheka indaba yokuswelakala kwemisebenzi ebantwini abayintsha sihlanhlane siwuzwelonke, izifundazwe nomasipala ngoba ziningi izikhungo ezilekelela ngemali ezakhiwe uhulumeni ngaphandle kweMinyango. Okusele ukuthi sibasize sibalandelele baze baphumelele labantu abancane abaqala amabhizinisi abo. [Ubuwelewele.]