Okunye, kufuneka sikugcizelele ukuthi intsha kufuneka iye esikoleni bathole ikhono lokwenza umsebenzi ukuze baqasheke. Izinhlelo esikhulume ngazo o- EPWP, ukuqeqeshwa kuthe chithi sabalala kodwa sicela ukuthi intsha yakithi iye kulezo zikhungo ithole ukuqeqeshwa, ithole ikhona elithile lokuthi ikwazi ukuqasheka futhi ikwazi nokuthi iqale eyayo inkampani ezosizwa nguhulumeni. Ngifuna ukusho ukuthi indlela le ingabonakala iyinde futhi ibonakale inzima kodwa indlela esilingene thina bantu baseNingizimu Afrika ukuthi siyihambe