Ngiyathokoza Sihlalo, mhlonishwa Sekela Mongameli, inselelo enkulu umuntu ayibukayo yile yokuthi nxa ngabe uHulumeni, umnyango uzimisele kangakanani ukusiza abalimi nxa behlelwe yilezi zinhlekelele kugcina ufica ukuthi abazisakali. Ngakhoke umbuzo wami ubheke ekutheni mhlonishwa, yonke imali ephumayo iyosiza abalimi, ingxenye yayo ayifiki kubalimi abasuke bedinga ukusizakala. Igcina iphelela ezandleni kwizikhulu nabathile ababasebenzisayo ukuthi lezi zimali ziphume ziye kubona.
Ngabe umnyango wakho mhlonishwa ungakwenza ukuthi uke uphenye, ngikususela la ekutheni eKwaZulu-Natal bekunesomiso, kubatshali bomoba abancane abathintekile, abamapulazi afufusayo amancane, abalimi abziphilisa ngokulima ukudla, abantu bakhalile kuze kube yimanje, kwenziwa imihlangano emikhulu emahholo kodwa azange zifike izimali kubona. Umhlonishwa angakwazi yini ukusukuma aziphenye lezi zinto ngokomnyango wakhe? Ngiyathokoza.
USEKELA UMONGAMELI WASENINGIZIMU AFRIKA: Sizosebenzisana
noNgqongqoshe uThoko Didiza, sisebenzisane nondunankulu bezifundazwe ezithintekayo, sisebenzisane noNgqongqoshe bezolinmo kulezo zifundazwe, sisebenzisane nezimeya zezindawo. Into esizama ukuyakha lapha ukuthi sonke sihlangane ndawonye, kubeyithi sonke esiletha izinsiza. Undunakulu wendawo kufuneka azi ukuthi umnyango kazwelonke wenzani. Umnyango kazwelonke kufuneka wazi ukuthi undunankulu wenzani. Undunankulu kumele azi ukuthi umasipala wenzani.
Izimali zonke esiyozikhipha ezihlangene nezinsiza esizilethayo sizoziletha zonke, zisukela kwisifunda. Yiyona le indlela esizoyisebenzisa esicabanga ukuthi izosisiza uma sime kusifunda la kunomasipala abaningana kuleyo ndawo.
Sizohlangana sonke kwisifunda ukuthi konke esizokuletha sisiza abalimi kusukele kusifunda. Kodwa-ke uNgqongqoshe ngeke nje avele ashone kwisifunda, uzosebenzisana nondunankulu aphinde asebenzisane noNgqongqoshe. Yileyo-ke into esizoyenza ukuthi imali ephumayo, noma iphuma kuzwelonke noma iphuma kwisifundazwe noma kumasipala, izofika kumlimi. Ngiyabonga. [Ihlombe.]