Yebo! Yebo! Yebo! Shayani izandla. [Ubuwelewele.] Sihlalo ohloniphekile, ngiqale ngokusho nje ukuthi ngiyacabanga ukuthi kufuneka simbonge uMtwana wakwaPhindangene. Umangabe abahlonishwa abafana nomhlonishwa u-Makue sebekwazi ukukhuluma kahle kanje ngokuvikelwa kwesintu namalungelo amasiko ethu nezinto zethu kusho ukuthi uMtwana ...
English:
... is a very good teacher, hon Makue, having taught you and for you to speak so well and to make that reference to the IFP, I am very happy.
IsiZulu:
Kodwa-ke okubalulekile ukuthi angisho ukuthi iqembu leNkatha liwusekela ngokugcwele loMthethosivivinyo. Hheyi! Baxhashaziwe abantu bakithi ikakhulukazi kusifundazwe engisuka kusona KwaZulu-Natal. Baxhaphazekile abantu bakithi ikakhulukazi abantu abaxhaphazekile abangamaciko abantu abampisholo ngenxa yokungavikeleki kwamalungelo abo ezinto zabo
abazisungulele zona bese zithathwa ziyohweba ngaphandle zenze izigidigidi. Abahlonishwa uma bengakhumbulu nje ukuthi Imbube ike yadala umdonsizwano ongakanani, hhayi eNingizimu Afrika, kodwa emhlabeni jikelele, isibangwa, kodwa ibe isungulwe ngumAfrika. Isibangwa abangayisungulanga ngenxa yokuthi imithetho ebavikelayo ibingekho. Ngesonto elidlule ngishayelwe ucingo ngumholi waMambazo efuna ukuzwa ngaloMthethosivivinyo ngoba akhathazekile amaciko akithi ngokungavikeleki kwezinto zabo. Ngifisa ukusho-ke ukuthi-ke, baba u- Makue, siyabonga ukuthi nilandele ezinyathelweni zikaMtwana. [Ubuwelewele.] Iqembu leNkatha liwusekela ngokugcwele loMthethosivivinyo wokuvikela amalungelo kanye namagugu namafa abantu bakithi abampisholo. Siyathokoza. [Ihlombe.]
Question put: That the Bill be agreed to.
Bill accordingly agreed to, in accordance with section 75 of the Constitution.