Sihlalo ohloniphekile, ngiyafisa ukudlulisa egameni lesifundazwe sakwaKwaZulu-Natal ukuthi lo mthetho sivivinywa esiwusebenzayo ubaluleke kakhulu. Iminyaka ngeminya umuntu omnyama evimbekile ekungeni kule mboni yezezindlu, njengoba uSihlalo ebalulile enkulumweni yakhe. Phambilini bekulukhuni ukungena kulo mkhakha ngenxa yemibandela eyayibakwe nguhulumeni wobandlulo, cabanga nje ngoba lana sizosebenza ukususa umthetho ka 1976.
Namhlanje siku nyaka ka 2019, ngalokho siyabonga kuhulumeni oholwa nguKhongolose ukuthi ababonelele abantu ukuba nabo bahlomule kulo mnotho ongaka otholakala kule mboni yokudayiswa kwezindlu. Ngiyakhumbula nje nami edolobheni langakithi kwakukhona umfana okwakuthiwa Juwi Mhlanga owayezama ukusebenza kulo mkhakha, kodwa ngenxa yobulukhuni kwemibandela ebekiwe ukuthi ukuze ukwazi ukuqhubeka
nokusebenza kuleli bhizinisi, kumele ngabe usudayise imizi eyisibalo esithile, uma uhlulekile ukudayisa imizi eyilelo nani, wawuvaliswa ibhizinisi lakho
Siyabonga ukuthi uKhongolose namhlanje wokuzotakula abantu osizini lokuthi bakwazi ukungena nakunoma iliphi ibhizini. Iningi kakhulu imali kulo mkhakha. Sifisa ukweluleka abantu abasha abafisa ukungena kulo mkhakha wezifundo eziphethele nokuhlaliswa kwabantu ukuthi ngempela bathathe zifundo ezimayelana nokuthengiswa kwezindlu, ngoba lokho kuyobasiza ekugcineni ukuba bangene kuleli bhizinisi benolwazi olufanele ukuze baphumemelele.
Sepedi: