USolwazi N M KHUBISA: Ngicela ukubonga kakhulu Somlomo wale Ndlu, ngibingelele amalungu ahloniphekile. I- National Freedom Party iyaseseka lesi sichibiyelo. Sisasho ke mhlonishwa Somlomo ukuthi noma siseseka kodwa sibona ukuthi kube nephutha elikhulu ukuze kube nalesichibiyelo kulo Mthethosivivinywa emveni kwephutha elenzeka.