Okunye esakusho phambilini mhlazane ufika kule Ndlu sasho ukuthi uMthethosivivinywa lo ubalulekile kakhulu ukuguqula izimpilo zabantu bakithi kodwa sinako ukukhalaza ukuthi imali le abazoyithola incane ngosuku ukuba kuzoba yi-R120, R3 500 ngenyanga yonke incane. Sasho ukuthi asikwazi ukuthi sichithe amanzi nengane nobhavu konke sikulahle ngoba ikhona into ekufanele ibe setafuleni ukuze abantu bakithi kube khona abakutholayo.