sakwaZulu-Natali sesabizwa nangaye ukuthi kwelakaMthaniya. Ngakho siyabonga ukuthi loMthetho ubuyisa lesosithunzi ukuthi abantu besifazane babambe iqhaza ezindabeni zesizwe. Futhi uyaveza ukuthi labo abanganelisekanga ngesinqumo sikaNdabezitha kuleya nkatolo mabadlulele enkantolo enkulu [high court.] bayoveza khona ukuthi abanelesekanga abavalelwanga ngaphandle. Siyabonga kakhulu ukuthi kube khona umthetho ofana nalo. Siyajabula ukuthi iqhaza lamakhosi liyaya ngokuya livela uhulumeni elihlonipha. Yingakho ke siweseka lo Mthetho. Ngiyabonga. [Ihlombe.]