Ngiyabonga lungu elihloniphekile, Iminyango iyasebenzisana mayelana nezinto ezithinta abantu besifazane. Kodwa futhi kungumbono ohamba phambili ukuthi nathi la sibheke ukuthi siyabondla yini abantwana bethu, ngaphambi kokuthi siyokhuluma nabanye abantu abangekho lana ukuze sihole abantu sibe yisibonelo. Ngiyabonga