Kanti okwesibili, lolu daba lokuhlukumezeka kwabantu besifazane akulona udaba esulwenze lwaba ngundabamlonyeni, lapho luxoxwa khona nasemakhaya. Emakhaya abantu abaxoxi ngalolu daba, uma ngabe kukhona isehlakalo esenzekile kuvele kuthiwe udaba lo mndeni, akumele kugxambukele abantu bangaphandle futhi kugcine kuthulekile nje kanjalo.