Nasezinkantolo imbala, thina sifuna imithetho efana neye- Sexual Offences Act kanye nowe-Domestic Violence Act ibuyekezwe ngoba ikhona nje kodwa ayisebenzi kahle, ngakho ke yizo kanye lezi zinto esizibhekayo ezihambisana nohlelo lokulinganiswa kobulili, ehambisana nesithunzi sakho njengomuntu, wazi ukuthi unelungelo emzimbeni wakho, futhi akekho umuntu okumele uthole imvume kuye uma uthi awusamfuni. Ukwazi ukuzimela ngisho nakwezomnono.