Uyabona njengoba ngikhuluma nani nje kunalento eyatholakala yokuthi la eNingizimu Afrika kuvumelekile ukuthi kuthathwe intsha ihambe iyoqeqeshwa ngaphesheya ukuthi kufuneka aphathwe kanjani amanzi nendle. Kunokuthi uNgqongqoshe athathe izingane zalapha eNingizimu Afrika ayoziqeqesha ubethatha izingane zakhe nezabangane bakhe. [Ubuwelewele.] Le nto ibuhlungu ngoba nina ninenkinga yokuvikelana, nikhohlwe ukuthi njengoba nilapha nifike ngamavoti abantu. [Ubuwelewele.] Okubuhlungu kunakho konke asikwazi ukukhuluma ... [Ubuwelewele.]