Umlenze omele izinkampani zabasebenzi nomphakathi ezilawula ngentando ngamalungu abasebenzi futhi aphinde abe ngabanikazi bomnotho, awubonakali. Kunesibazi lapho okumele ngabe kunalomlenze khona. [Ihlombe.] Lesi simo somnotho senza kwaba nesidingo sokuthi uHulumeni we-ANC ashaye imithetho ezokwenza ukuthi abantu abamnyama, okuyibona abaningi okungabendabuko kuleli lizwe, bakwazi ukungena kwezomnotho. Bangathathwa njengezisebenzi ezisebenzela obasi abadlala igalofu nabathengi bezimpahla ezilandwa kwamanye amazwe.